Umthethosisekelo waseRiphablikhi yaseNingizimu Afrika (uMthetho ongunombolo 8 ka 1996) uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola ulwazi olugcinwe nguHulumeni kanye nanoma yiluphi ulwazi olugcinwe ngomunye umuntu oludingekayo ukuze asebenzise noma avikele nanoma yiliphi ilungelo lakhe nokuthi kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ozofezekisa lelilungelo.
Kusungulwe Ikomiti lokwaLuleka ngoMthetho woLwazi (IAAC) ukuze laluleke Isikhulu soLwazi ngezincomo ezenziwe amaPhini eSikhulu soLwazi mayelana nesicelo solwazi nokuthi lisize iSikhulu soLwazi nesiPhathimandla esiQondene mayelana nekwedluliswa kwezikhalo (appeals). Kubuye kwasungulwa futhi namaKomiti amancane okwaluleka ngoMthetho woLwazi (IAASC's) ukuze aluleke amaPhini eSikhulu Solwazi mayelana nezicelo zoLwazi.
Kusungulwe iSizinda soLwazi soMnyango wezokuVikela njengesizinda esizobhekana nezicelo zolwazi nokunye okuhambisana nakho. ISizinda soLwazi siyosiza labo abafake izicelo mayelana nokunqunyiwe ngezicelo zolwazi.
Inhloso yalelibhukwana ukwenza amalunga omphakathi akwazi ukubona umfanekiso noma uhlobo lwamarekhodi oMnyango wezokuVikela futhi liqukethe nezinqubo zokuthi lutholaka kanjani ulwazi namarekhodi nokuthi lukhona noma ngqa.
Ngokuhambisana noMthethosisekelo, uMnyango wezokuVikela uqinisekisa ukuvikela ngempumelelo iNingizimu Afrika yentandoyeningi, ukwenza-ngcono ukuphepha kuzwelonke, izifundazwe nomahlaba wonke jikelele ngokulandela amakhono ezokuvikela olunzulu, esimanje nafinyelelekayo nobuchwepheshe obuphambili.
UMnyango wezokuVikela unomthwalo wokuvikela ukuzibusa, izwe nabantu baseNingizimu Africa ukuze uqiniseke ngesimo esinokuthula nenqubekelaphambili yawo wonke umuntu.
Nokwelekela noma imuphi uMnyango kahulumeni ngenhloso yokwenza ngcono ezenhlalo nomnotho.
UMnyango wezokuVikela wakhiwe uNgqongqoshe wezokuVikela, uNobhala wezokuVikela kanye noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF). UNgqongqoshe wezokuVikela nguyena isiphathimandla esinamandla, uNobhala wezokuVikela yena uyiSikhulu esibhekele ukusebenza kwezimali soMnyango wezokuVikela kanti iNhloko yoMbutho wezokuVikela yona inomthwalo wokukhuza nokulawula uMbutho wezokuVikela.
Ukuba yiSizinda soMnyango wezokuVikela esizobhekana nezicelo zolwazi nokunye okuhambisana nakho.
Umgcini wamarekhodi nomlando woMnyango wezokuvikela futhi yisona esinomthwalo wokugcina amarekhodi nomlando.
Ukunikeza usizo lwezimali zombuso olunokonga kuMnyango wezokuVikela ngokuhambisana noMthetho wokuPhathwa kweziMali zoMbuso (PFMA), nemithethonkambiso kaSikhwana , nezincwanjana ezithunyelwa kubo bonke.
Ukwaluleka ngezindaba zenqubomgomo yokuphepha kuzwelonke nokuqondisa inkambo yohlelomgomo loMnyango wezokuVikela ngokumisa, ukwakha nokubhekela kanye nokwamukela inqubomgomo yokuvikela, uhlelomgomo nohlaka ngokuhambisana nenqubomgomo kazwelonke ukuzwe kuqhutshwe umsebenzi wokuvikela ngempumelelo, ngenkuthalo nokwenza okuyikho.
Ukuqiniseka ngokulunga nobuqiniso bokuphathwa kolwazi eMnyangweni wezokuVikela.
UMqondisi oyiNhloko yamaThuba alinganayo nokuBonelelwa ababebandliluliwe.
Ukuphaka kanye nokulawula uMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika.
Ukunikeza ngolwazi namakhono alungisiwe nawesekela ukuvikelwa komhlaba ukuze kuvikelwe iRiphablikhi yaseNingizimu Afrika (RSA) ngokunikeza iziyalo ngohlelomgomo lokuvikelwa komhlaba futhi kusungulwe, uqeqesho nokugcinwa kwempi okulungiselwe nosizo oluhambisana nalokhu.
Ukunikeza usizo namakhono alungisiwe nawesekela nokwelapha. Lokhu, kuyokwenziwa ngokumisa uhlelomgomo oluyinkomba yosizo lwezeMpilo kwezeMpi nokusungulwa, ukuqeqeshwa nokugcinwa kosizo lwezokwelapha olusemqoka kumalunga oMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF) kanye nezingane zawo noma labo abacike kuwo ngokwemali kanye nokusungula nokugcina izinsiza zokwelekelela nezinto ezihambisana nalolusizo.
Ukunikeza usizo lobuhlakani kwezokuVikela nolwazi lobuhlakani kokuphambaniselana ngokusungula, ukuqeqesha nokugcina usizo lwezibuhlakani lombuto wezokuVikela olkuulolongiwe, usizo lokwelekelela nokunye okuhambisana nezinto zokusentshenziswa.
Ukuqondisa umsebenzi wabasebenzi bophiko loMnyango wezokuVikela.
Ukunikeza usizo lobufundisi wamabutho onakekela wonke amalunga oMnyango wezokuVikela kanye nezingane zawo nokukhuthaza ukukhula ngokomoya, ukwelekelelana ngokwenhlalo nokwenza ngokulungileyo.
Ukunikeza uMnyango wezokuvikela iziyalo ngombutho ongodliwe.
Ukumisa inqubomgomo yezokuxhumana kwezokuvikela, uhlelomgomo nezinhlelo ngokuhambisana nenqubomgomo yoMnyango wezokuVikela nenqubomgomo yokuxhumana kuZwelonke (GCIS) kanye nokuba yisizinda sezokuxhumana nokuxhumanisa ukuze ukuxhumana okumbaxambili phakathi koMnyango wezokuVikela nomaphakathi wawo kwenziwe ngempumelelo, nangenkuthalo nokwenzisana.
Ukunikeza umbutho usizo lwezomthetho olunobungwenti, oluvunyelwe ngokomthetho nokukhankaseka nokwelekelela okuhambisana nezidingo zoMnyango wezokuVikela.
Ukusiza uMnyango wezokuVikela ngolwazi namakhono obudlelwane bezangaphandle.
Ukunikezwa ngamakhono nolwazi lobuphoyisa uMbutho eMnyangweni wezokuVikela.
Ukunikeza uMnyango wezokuVikela ukuthuthuka kwezobungcweti ukuvimbela namathuba okufunda ngomsebenzi.
Ukunikeza usizo oluphelele kubasebenzi noMnyango wezokuVikela.
Ukunikeza usizo olungaphathelene nokulwa kumalunga (ngalinye) oMnyango wezokuVikela.
Ukunikeza usizo lokuphathwa nokwenganyelwa kolwazi nosizo oluhambisana nalokho kuMnyango wezokuVikela nokwesekela lokho okuphokophelwe nguMnyango wezokuVikela.
Uhla lwemibhalo (theses) egcinwe yiSizinda seMibhalo soMnyango wezokuVikela (Uhla luyatholaka eSizindeni seMbhalo soMnyango wezokuVikela).
Amarekhodi akhona enqolobaneni yoMnyango wezokuVikela asukela onyankeni ka-1912 ngesikhathi kusungulwa uMbutho wezokuVikela weUniyoni (Union Defence Force -UDF). AmaRekhodi akhona enqolobaneni atholakala ngokuzithathela esikhathi sonyaka ka 1912 kuya ku 1969 akhombisa imisebenzi ephambili yazo zonke izingxenye ze-UDF noMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika (SADF). Imisebenzi ephambili ihambisana nokwakwenziwa, ukuphathwa kanye nezobuchwepheshe bombutho wezempi kanti abuye athinte nokwakwenzeka ngezikhathi zempi nezikhathi zokuthula. Amarekhodi alokho okwakwenziwa ambandakanya imininingwane yokuzimbandakanya kweNingizimu Afrika empini yomhlaba yokuqala (1914 - 1918) kanye nempi yomhlaba yesibili (1939 - 1945), impi yaseBerlin (1948 -1949) kanye nempi yamaKhoriya (1950 - 1953) kanye nokwakwenziwa umbutho nokuviviswa ngesikhathi seziphithiphithi zangaphakathi kulelizwe njengesiteleka sezimboni sika-1914 kuya ku- 1922, nemibhikisho ka-1914 kuya ku-1915 kanye nezibhelu zeminyaka yawo 1950 kuya ku -1960. Amarekhodi ngokuphatha aqukethe imininingwane yokusungulwa, ukuhlelwa nokusebenza kwazo zonke izingxenye ze-UDF ne-SADF, kanye nosizo lwabasebenzi, ukuhlelwa komsebenzi nezindaba eziphathelene nezimali. Loluhlobo lwamarekhodi lumbandakanya futhi nemininingwane ngokuqeqeshwa, nemigubho kanye nezivumelwano zamazwe ngamazwe njengeSivumelwano sase-Simonstown. Amarekhodi obuchwepheshe akhona eSizindeni seMibhalo wona aphathelene nezikhali zempi, izinto sokusentshenziswa, ukugcinwa kwazo nosizo lokwelekelela.
Kufanele kubekwe obala ukuthi ngesikhathi seminyaka yo-1912 kuya ku-1976 imibutho (Umbutho wezempi, Umbutho wezoMoya kanye NoMbutho wezamanzi) kanye nezinye izingxenye zombutho njengoMlawuli-Jikelele, no-Quartermaster-jikelelele noMfundisi woMbutho-Jikelele kanye noNobhala wezokuVikela yilowo nayilowo wawunendlela yawo eyahlukile yokwahlukaniswa kwamarekhodi. Nakuba iSizinda seMibhalo singenazo zonke lezindlela ezahlukene , amarekhodi athile angatholakala ngokusebenzisa izinsiza osekukhulunywe ngazo vele.
ISizinda seMibhalo singumgcini wamarekhodi oMnyango wezokuVikela ngakho-ke yisona esinomthwalo wokugcina inqolobane yoMnyango wezokuVikela. Inqolobane yeMnyango wezokuVikela igcine amarekhodi okungesiwona awoMnyango wezokuVikela esikhathi samanje kubalwa noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika wamanje (SANDF). Sigcine futhi namarekhodi yeminye imibutho yezempi eyahlanganiswa noMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF) ngo 1994, njengembutho wezempi waseTranskei, Bophuthatshwana; Venda nowaseCiskei.
UMnyango wezokuVikela ugcine futhi amarekhodi abantu awo wonke amalunga eMibutho okuyi-SANDF, SADF, neUDF angasekho embuthweni. Amarekhodi abantu angaphezulu kwezingidi ezimbili kanti asukela enyakeni ka-1912. Amarekhodi ngabantu ababesembuthweni aqukethe imininingwane yomuntu ngamunye ngomsebenzi wakhe kwezempi.
Onke amarekhodi angafundelwa ezindlini zokufundela zeSizinda seMibhalo ngaphansi kwemibandela yokuqinisekisa ukuthi ayohlala ekhona. Amarekhodi enqolobane yoMnyango wezokuVikela atholakala ngokulandela imiyalo yomthetho, okumbandakanya noMthetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi (uMthetho ongunombolo 2 ka 2000), noMthetho WokuVikelwa koLwazi (uMthetho ongunombolo 84 ka 1982) kanye noMthetho weNqolobane kaZwelonke noSizo ngamaRekhodi waseNingizimu Afrika (uMthetho ongunoMbolo 43 ka 1996 nezichibiyelo).
Izisinza ezikhona ezisiza ekutholeni imininingwane noma amarekhodi enqolobaneni yoMnyango wezokuVikela wuhla lwemikhakha olutholakala ngephepha. Ukuchazwa kwalolo nalolo luhla kuhambisana nomkhakha oqondene wokusenqolobaneni, isibonelo Umkhuzi -Jikelele umkhakha 5. Izinhla zingaphezulu kwezi-2000, futhi ziqukethe inombolo yefayela, incazelo kanye nosuku lokuvalwa kwalelo fayela emkhakheni othile. Loluhla ungalubheka ukuze ukwazi ukuthola umkhakha othile wamarekhodi.
Lamrekhodi enqolobane ayatholakala ukuze ahlolwe eSizindeni seMibhalo futhi kungenziwa nemifanekiso (uma imibandela yalowombhalo ikuvumela lokhu) engathenga ngemali enqunyiwe engu -60c ikhasi ngalinye elungu A4 usayizi noma ingxenye yalo.
Kuyindlela yokuhlela umsebenzi ehlanganisiwe yathuthukiswa ukuze yelekelele uMbutho.
Izibalo - eziyisekelo sokunikezela ngolwazi lokuphatha.
Ilekelela uMnyango wezokuvikela kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni ngosizo lobuciko bendlela yokuphatha imali.
Ezobuhlakani kwezokuVikela zilekelela inqubo yomsebenzi woMnyango wezokuvikela futhi ihlose ukwelekelela yonke impilo yenqubo yezobuhlakani.
SINET - okusaluhla lwezincwadi zesifundo esithile.
Lolu wuhlelo oluhlanganyelwe oluthathelwe emigomeni ejwayelekile neyamukelekile yabasebenzi nohla lokuholela.
Lesi yiSizinda soMnyango wezokuVikela esiqukethe ezinye izindledlana esimiselwe ukuba ziphathe lonke uhlobo lwemininingwane yezempilo eMnyangweni wezokuVikela.
Lowo ofake isicelo kufanele akhombise ukuthi ucela umfanekiso noma ikhophi yalelo rekhodi noma ufuna ukuza azozibonela lelo rekhodi emahovisini omphakathi. Ngale kwalokhu, uma ngabe lelo rekhodi lingesiwo umbhalo lingabonwa ngaleyo ndlela elicelwe ngayo, uma kwenzeka ngokwesigaba 29 2.
Uma ngabe umuntu efuna ukubona amarekhodi ngendlela ethile kufanele akwazi ukuwathola ngaleyo ndlela acele ukuwabona ngayo. Kodwa lokhu kungenzeka kuphela uma lokho kungeke kuphazamisa ngokungadingekile ukusebenza kwalawo mahovisi noma ukonakala kwalawo marekhodi, noma ukwephula imigomo yamalungelo ombhali uma lowo malungelo kungesiwo akahulumeni. Uma ngabe ngezizathu ezithile amarekhodi angeze atshengiswa ngendlela acelwe ngayo kodwa ngenye indlela, imali ekhokhelwa ukutholakala kwamarekhodi kufanele ibalwe ngendlela lowo ofake isicelo acele ngayo ngokwesigaba 29 3 no 4.
Uma ngabe, ngaphezu kwempendule ebhaliwe, lowo ofake isicelo efuna ukuthi aziswe ngesinqumo esithathiwe ngenye indlela, njengokuthi aziswe ngocingo, lokhu kufanele kukhonjiswe ngokwesigaba 18 20 e.
Uma ngabe lowo ofaka isicelo engakwazi ukufunda nokubhala, noma ekhubazekile, angazifaka izicelo ngomlomo.
Lowo ofake isicelo ocela amarekhodi anemininingwane yakhe uqobo akudingekile ukuba akhokhe imali yesicelo.
Isikhulu soLwazi kufanele sazise lowo ofake isicelo (ongaceli imininingwane yakhe qobo) ngesaziso ukuthi kudingeka akhokhe imali yokufaka isicelo enqunyiwe (uma ikhona) ngaphami kokuba kuqhutshwe isicelo sakhe.
Imali yokufaka isicelo uma ucela amarekhodi emahovisini omphakathi ngu R35. Lowo ofake isicelo angadlulisa isikhalo sakhe, uma kungenzeka, noma afake isicelo ephikisa ukukhokhwa kwemali yokufaka isicelo.
Ipheshana lokufakwa kwemali kufanele lithunyelwe eSizindeni seMibhalo soMnyango wezokuVikela ngaphambi kokuba kuqhutshwe isicelo.
Ngemuva kokuba iSikhulu soLwazi sesithathe isinqumo ngaleso sicelo kufanele kwaziswe lowo ofake isicelo ngaleso sinqumo ngendlela acele ukuba aziswe ngayo.
Uma ngabe isicelo sivunyiwe kufanele kukhokhwe imali yokubheka ekhokhelwa, ukufuna, ukulungiswa nokukhiqizwa nesikhathi esengezelelwe esisentsheziswe kufunwa lawo marekhodi nokuwalungisa ukuze adalulwe.
Ukuhlanganisa nokunikezela ngamarekhodi okusebenza nesitifiketi sokusulwa embuthweni ukuze asentshenziswe yilowo muntu noma izinhlobo zakhe.
Ukunikezela ngemifanekiso (amakhophi) emibhalo yamarekhodi alowo muntu qobo njengemibiko yemfundo, amalayisensi okushayela izimoto zempi, izincwadi zefa nokunye kwalowo muntu qobo lwakhe.
Isizinda semiBhalo soMnyango wezokuVikela sivumela nomphakathi wonkana ukuba uzobona amarekhodi ngenhloso yokufuna okuphathelene noMnyango wezokuVikela.
Yena uyisizinda solwazi oluphathelene noMnyango wezokuVikela, usizo nemikhiqizo ukuze ukuxhumana okumbaxa-mbili phakathi komphakathi noMnyango wezokuVikela kwenzeke ngempumelelo nangenkuthalo.
Inqubo yokubhalwa koMthetho njenge Phepha eliluHlaza nePhepha eliMhlophe, kwenziwa nezingxoxo nomphakathi lapho umphakathi uvumelekile ukwethamela nokuthi wenze iziphakamiso.
Umphakathi wonkana ungathamela izingxoxo zekomiti lePhalamende uma futhi unikezwa ithuba yiphalamenza uvumelekile ukuphakamisa imibono.
UMnyango wezokuVikela njengeminye imingango yoMphakathi unayo inqubo yangaphakathi njengoba imisiwe esigabeni 74 nesigaba 75 soMthetho. Lokhu kuyosebenza kunoma isiphi isimo lapho lowo ofake isicelo noma ngomunye nje umuntu efisa ukwadlulisa isikhalo ngesinqumo esithathwe yiSikhulu soLwazi. Kufanele kugcwaliswe ifomu lokwedluliswa kwesikhalo bese lihanjiswa eSizindeni soLwazi soMnyango wezokuVikela. ISizinda soLwazi eMnyangweni wezokuVikela sona siyodlulisa isikhalo leso kanye neminye imibhalo ehambisana naso eSikhulwini soLwazi sona esiyobe sesidlulisela kuziPhathimandla eziQondene ukuba zithathe isinqumo.
Njengamanje akukho lwazi olukhona kuNgqongqoshe ngokwesigaba 92 olungabekwa lapha.
Uma kudingekile, iziko lomphakathi kufanele lilungise lelibhukwana bese lisabalalisa izincwanjana okukhulunywa ngazo kusigatshana sesigaba 14, ngesikhathi esingekho ngaphezulu konyaka.
Kufanele lishicilelwe kuGazethi ngezilimi ezithathu ezamukelekile ngokoMthetho.
Ibhukwana kufanele litholakale futhi ku-website, uma ikhona, yalelo ziko.
Kungumsebenzi wamaziko amabili noma angaphezulu anobudlelwane obuhle, uma eceliwe uNgqongqoshe noma ngokuzikhethela angamisa ukuthi amaziko amabili noma angaphezulu abhale ibhukwana elilodwa.
Lawa maziko kufanele ahlukaniselane izindleko zokubhalwa kwaleli bhukwana nokutholakala kwalo.
